Akasabalwa kwiMpucuzeko uTshatha

Akasabalwa kwiMpucuzeko uTshatha

Usededele isiqeshana sombiko uTshathugodo Ngobe ebika ukuthi usethi khumu ekubeni yingxenye yabahleli beMpucuzeko Maskandi Festival. Ubhale ekhasini lakhe la Facebook kanje : ” Emva kweminyaka eyishumi nambili ngingomunye wabahleli kanye nomunye wabasunguli balomcimbi Impucuzeko Maskandi Festival, sengithi khumu ekubeni ingxenye yawo. Nakuba ngingenakuzidalula izizathu zokuhoxa kwami kodwa ngithi angikwazise njengomuntu olandela lelikhasi lami kulenkundla yokuxhumana.

UMfoka Ngobe kuzokhumbuleka ukuthi useneyakhe ingane ethi yene I-Tshatha Music Festival nebisibuya ihlandla lesibili kulonyaka.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *