

Sekuba yinsakavulela umchilo wesidwaba ukubanjwa kwemoto yemali endaweni yase Newlands West kwinxanxathela yezitolo eMidway Mall. Kusinde ngokulambisa abadayisi abadayisa onqenqemeni lomgwaqo ekuvamise ukwenzeka khona lobugebengu. Ngokwamaphoyisa athi izigilamkhuba zisagcwele amathafa