Kwanda Festival ize nenye

Kwanda Festival ize nenye

Nomthandazo MaGoso

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa keMvelo uMfu Musa Zondi ubeyisikhulumi kuthulwa ngokusemthethweni i-KZN Disability Business Chamber eThe Edward Hotel. Lana bekuhlangene izinhlaka nezinhlangano ezehlukene zabaphila nokukhubazeka Ekzn.

Lube yimpumelelo usuku lokuqala kwezintathu lwe KWANDE Festival 2026 eThekwini e Exhibition Centre. Inhloko yoMnyango uMnu Nkosenye Zulu ubeyingxenye yalomcimbi njengoba vele umnyango angaphansi kwawo wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo kuyiwo owengamele lomcimbi ozothatha izinsuku ezintathu.
UMageba uthe kuyamuthokozisa ukubona abantu ikakhulukazi Intsha iphume ngaloluhlobo ngosuku lokuqala. Wathi bewumnyango kuyabakhuthaza kakhulu lokhu, futhi kukhomba khona ukuthi benza kahle nokuyisinqumo sabo sokuthi baqhubeke bangemi.
Kuyanxuswa ukuthi bonke ababhalisile beze zonke lezizinsuku zonke, angeke bazisole kwazise kukhona izinhlelo zokuthuthukisa umnotho, ukucija intsha engosomabhizinisi, iphinde iphiwe amasu okuzibambela ngempumelelo amabhizinisi abo. Lomcimbi uzophatha izinhlaka eziningi ekuzofundiswa ngazo esingabala ezamaFilimu, Visual Arts, Ukulingasa, ukucijwa ngokusebenzisa ubuxhakaxhaka bobuchwepheshe osebusetshenziswa manje, ngolimu olusheshayo i-Artificial Intelligence (AI).
Ukubhaliswa kuqala ngelesishiyagalombili ekuseni, zinsuku zonke. Kuse Exhibition Centre ku Gate A Walnut Road

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *