





UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho uMfu Musa Zondi uhlanganyele nezithunywa ezivela kumazwe omhlaba, uNdunankulu wesiFundazwe kanye neSilo Samabandla iNkosi MisuZulu kaZwelithini ukuzohlonipha isikhumbuzo nomKhosi weMpi yaseSandlwana eNquthu.
UNondaba uthe intaba nenkundla abakuyo namuhla ibakhumbuza ukuthi uZulu wanqoba ngalolusuku, kulenyanga, ngo 1879 enqoba amaNgisi emhlabeni wonke, amaZulu evikela isizwe.
Uqhube wathi impi eyaliwa ngalolusuku, yakhulula thina sonke.
Yingakho sisanawo lomhlaba wokhokho bethu
