Sezihubela sakusha kowe Ugu Jazz Festival

Sezihubela sakusha kowe Ugu Jazz Festival

Busisiwe Zondi

Konke sekumi ngomumo kowe Ugu Jazz Festival. Nakwamhlola uzwa umcimbi undlalelwa eminye emikhulu. Ngokusho kwabahleli ithi into walala wasala, uyophaphama uzisole uma kuwukuthi namanje wena awukabi nalo ithikithi. Akekho ongeke abhekeleleke kuhlobo lobumnandi abuthandayo.

Mhlaka 25 kuzobe kufiwa amahlaya kwi Gala Dinner in Comedy kwazise izinkakha eziwo Simphiwe Shembe, Mondli Mzizi, Nonto R, Church Boy kanye nomzwilili owu Zawadi Yamungu bayobe benza iqiniso. Bayoqala ngo 6 ntambama. Niyobe seniphumula kancane. Ngakusasa mhlaka 26 kuphinde lokho. Kudliwa izwi lenkosi nomculo wokholo kwi Offramp Worship Experience, konke kuyobe kudididyelwa uLinda ‘Mr Magic’ Sibiya epheka ethulula oJumbo, Mpumi Mtsweni, Nontokozo Mkhize, Sgwili, Shongwe and Khuphuka nabanye. Kuyaswenkwake kule, noma ufake umfaniswano webandla okulo. Nayo iyaqala ngo 6 ntambama kanti kuzobe kunezipho ezizotholakala.

Mhlaka 27, usuku olukhulu, ziyobe sezisuka ngo 2 emini, akumeleke la ubesemuva ngesikhathi ukuze konke kuqale phambi kawakho usuhleli phansi unethezekile. Buka iposta ukuthola imininingwane ephelele, kodwa nje uBaba uDon Laka, u Ernie Smith kanye noMahoo bayobe bebusisa.

📍 UGU Sports & Leisure Centre

📅 25 – 27 June

🎟️ General: R200 | VIP: R600

🎫 AmaThikithi atholakala eSPAR, Pick n Pay, BOXER nase TicketPro

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *