Kumenywa onkophe zigcwele izinyembezi bezokhuleka

Kumenywa onkophe zigcwele izinyembezi bezokhuleka

UMphostoli N C Khumalo wenhlangano i-Wise Women of Faith ngaphansi kwebandla iThrone of Grace Ministry umema bonke abesifazane becebo ukuba bezohlanganyela kanye naye kwiNgqungquthela yaminyaka yonke nokunguye shumi naye ikhona. Laba besifazane babizelwa ukuhlangana ehholo laKwaMashu esigcemeni saKwa G ukuzobubula kuNkulunkulu, bakhane, banikane nokwesekana nangendlela inkambo yowesimame ikakhulukazi owazana noNkulunkulu, ukuthi mayibe njani. Usuku mhla zingama 30 kuNhlaba (May). Isikhathi ihora leshumi ekuseni. Lenkonzo ayikhethi bala, noma ngabe ungowakuliphi ibandla, inqobonje uma ungowesifazanenje oncenga impilo, uyadingeka ngoba kuzokhuliswana ngamacebo empilo nangezwi leNkosi. Uvumeleke ukufaka umfaniswano wasebandleni okhonza kulo, okanye ugqoke ngokuhlonipheka. Kungenwa mahhala, akukhokhwa

7 Comments

  1. Mpume

    Impela siyobe sikhona ukuyobabaza ubukhulu buka nkulunkulu . Ooooh Yeka ubumnandi bokumazi unkulunkulu wethu 💃💃💃💃

  2. Sphesihle Zuma

    Nkulunkulu ola 😭😭🙌🏽🙌🏽 ey lomama uyakholwa yey ay bafethu siyaya la ❤️🙌🏽

  3. Nozipho Hadebe

    UNkulunkulu anithwale sisalungisela kuze kushaye usuku lokuhlangana. ❤️❤️🙌🙌

  4. Nokuthula Ngcobo

    We look forward to this fellowship nama Wise,,👏🏾👏🏾

  5. Hlobisile Hlabisa

    Amen.Makadunyiswe uSimakade.Sobe sikhona enkonzweni yoMama.Owomile akeze sizophuza emthonjeni wamanzi okuphila🙏

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *