
Busie Zondi
Phakama Pongola nawe awumncinyane. Inhlangano ebizwa nge Clevenard Organisation esezweni lase- South Western Europe eSpain, lihloniphe uMnu Nkululeko Khanyi ongowokuzalwa oPongola KwaZulu Natal. Umnu. Khanyi uhlonishwe ngendondo yokuba ngomunye abenza ushintsho ezimpilweni zabantu asize kakhulu kulombulalazwe oyisifo sengcindezi ikakhulukazi kubantu besilisa. Lesifo sibahlasela kakhulu abesilisa kwazise abakwazi ukubhodla konke okubadlayo, futhi kunalento ethi indoda ayikhali, yingakhoke lesifo sizenzela kubo. UNkululeko yilapho angena khonake ahambe ememezela ukuthi kuyaphumeka esimweni futhi kuyaphileka umanje ukhuluma. Lokhu ukwenza ngaphansi kwenkampani yakhe eqwashisa ngalesifo i- Ungazibulali Awareness Campaign. UKhanyi ubongwe wabungazwa ngendondo yokuba yi-International Speaker, eyokuba yi-Life Inspiration In The World kanye neye Best Organization In The Country.
Ngaphandle kwalokhu esesikubale ngenhla, uNkululeko ubuye abe nenhlangano i-Nkululekokhanyi Foundation esineminyaka eyi 16 yabakhona, okuyiyo asebenza ngayo ukutakula labo abanezandla ezimfishane.
Ezibiongela uNkululeko uthe ubonga indawo aphuma kuyo oPongola wathi kumele baziqhenye ngaye ngoba useyitshe eliyiGugu emhlabeni wonke.
“Ngaze ngayidayimane ezweni. Kumele uPongola lisukume luziqhenye ngami ngoba amazwe angaphandle angisuse la eNingizimu Afrika eyongitshela ukuthi bayawubona umsebenzi wami engiwenzayo. Ngiyabonga nakubahleli balomcimbi ngokungikhuphulela kwibalazwe. Ngijabuliswa ukuthi ngibongwe ngisaphila phambi komhlaba wonke. Umsebenzi engiwenzayo awulula neze, kuningi engidlula kukhona, kodwa ngenxa yothando lomunye umuntu, kuyaphoqa ukuba ngiwe ngivuke ngizithathe. Buka namuhla ngidla izithela zalokho. Angimile ngisazoqhubeka”. Kusho yena.
Kulomcimbi bekukhona noNdlunkulu uDkt Thandi Ndlovu weSilo samaBandla esesakhothama kanye noMnu Duma Ndlovu owaziwa kakhulu emkhakheni wezikamabonakude.

We are so proud of you Msuthu siwumphakathi wase NPG baseMzansi. You are an inspiration to us and the youth. Qhubeka wenze okuhle, uThixo akuvulele eminye iminyango.
Igolide lenu
Siyajabula kakhulu ukuba nabantu abalekelela ngaloluhlobo, abanesiphiwo sokuvula umlomo kulapheke izinhliziyo zabaningi. Ngizocela ukumupha isbusiso namandla okuqhubeka njalo nalomsebenzi omuhle kangaka impumelelo yakhe iyasthokozisa kakhulu ikakhulukazi njengoba ewumalume kimi. Qhubeka Mwelase uphilise isizwe siyaziqhenya ngawe.🙏
MMM Aze amahle amazwi
Siyabonga kakhulu Ngobhuti wethu Opongolo olumanzabomvu ukusimela kahle emazweni,sithi kwangathi unkulunkulu angakubheka ngeso elikhulu ndodana,Akuphe amandla amakhulu.Sinawe emthandazweni.
LET IT BE SO ACCORDING TO YOUR WISH
Siyamubongela. Siyabonga nakini enibonayo ukuthi imisebenzi yakhe iyancomeka
Siyabonga siwupongolo okuhle kangaka asebzela khona umfowethu Khanyi siyanjabula and siyaziqhenya ngaye Nkulunkulu amandisele akanayo ke nempakamo uyalekelela kakhulu ezimeni ezinzima endawen yangakithi uwusizo nje olukhulu emphakathin kuyimnje ingane zethu ziyafunda aphinde aziphe nokokuthenga insipho angaz ngingathin ngaye vele idayimane leli
Kumele umuntu abongwe esaphila. Siyabonga nakini enikwazi ukubonga, aksavamisile