Ubonga uyanconcoza uDladla Mshunqisi

Ubonga uyanconcoza uDladla Mshunqisi

Kwashunqa uthuli kokaMshunqisi

Impela umuntu unabantu bakhe abathi yena. Akusikho ukugcwala kwabantu abasha lokhu emcimbini womShunqo kaDladla Mshunqisi obusePrincess Magogo Stadium ngeSonto. Kuphoqe ukuthi abezokuphepha bafake abantu ngezigaba ukuze kunganyathelwana.

Engikubone kuloyamcimbi izingane lezi ekuthiwa ama 1K nama 2K zizijabulisa. Akekho obekhalisa omunye, bezihamba zingamaqoqo futhi ziziphathele izidlo zabo nokwenza kuvele isithombe esihle sokuthi inhloso yabo ukuzothokozela umculo. UMbali Ngidi uvule ngegiya eliphzulu. Bonkeke oDJ baqhubeka lapho bekhuphula izinga ukuthi seziyakhala ngempela. Kuthe sekungena iQueen of Gqom uBabes Mabheshingo Wodumo, kwachwaza inkundla yonke esedlala ingoma kaMampintsha ethi “Ngeke Ngvume”. UZakwe noDJ Happy Girl balenzile iqiniso.

Kuthe sekungena usingaye uDladla Mshunqisi, kwacaca ukuthi sekungene iNkosi uqobo lwayo. Ubememeza ngapha, nezihlwele zimemeza, kwavele kwaba ikwam memezi uqobo.

Halala kubona bonke abahleli baloyamcimbi kusuka phezulu kuya phansi. Sibonile bekungelula, kodwa nayibamba phansi kwaqhubeka kahle konke.

Buka: UDladla Mshunqisi ezibongela.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *