Uzoba muhle ukhisimusi kwabanezimali eThala

Uzoba muhle ukhisimusi kwabanezimali eThala

Busie Zondi

Bazolala ubuthongo abanemali eyavaleleka ebhange Ithala. UNdunankulu waKwaZulu Natali uMnu Thami Ntuli, ube nesithangami sabezindaba emahhovisi akhe aseThekwini ezobazisa ngezinqumo mayelana neBhange Ithala. UMphemba umemezele ukuthi sekuphelile ukulinda kulabo abanezimali zabo ezavaleleka kulelibhange.  Uthe abafaki zimali abahlale belindile nezincwadi zonke zabo ezingadingeka ngoba bazoqala babizwe ukuzokhokhelwa izimali zabo ngaphambi kukaKhisimuzi. UMphemba uthe uyanxusa ukuba abantu bangatatazeli, kodwa balalele imisakazo namakhasi ezokuxhumana agunyaziwe ukwazi ngezinsuku zokobizwa nanokuthi yiziphi izindawo abazobizelwa kuzo. Uthe uyazi ukuvaleleka kwalezimali zabantu kwadala ukudonsa kanzima empilweni kubantu. Wathi naye uqobo, kunemali ayifaka ngesizathu sokubekela umndeni wakhe, Uthi yize yayingenkulu kangako,kodwa naye uyayidinga ukuba iye kuNkosikazi nabantwana. UMfu Musa Zondi woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho naye obekhona kulesisithangami, uthe uyawaqinisekisa amazwi kaNdunankulu okuthi abantu besebezolungelwa emuva kokudonsa kanzima isikhathi eside. UNondaba uthe abantu abangazami ukuthatha amashansi, kwazise isimo sizobe siqashwe kakhulu kulabo abazozama ubuqhophololo. UNgqongqoshe wezeziMali UMnu Francois Rodgers ubonge kakhulu ukuphakama ngokubambisana kukaHulumeni kaZwelonke wezeziMali, kanye noEDTEA esiFundazweni naye uNdunankulu imbala. Uthe leliphupho elibi kubantu selizodlula. Abantu wathi bazothatha izimali zabo njengoba zinjalo, bese beyozigcina la bethanda khona.

UNdunankulu uNtuli uthe uyazi ukuthi abantu abasebenzisa iThala yilabo abadala ngokweminyaka futhi abanganalo ulwazi olwanele uma kuziwa emsebenzini wamaphepha. Uthe bakulungele lokho nehhovisi lakhe, bakhona abazosiza abantu ukuba balungelwe yizinto. Wathi kodwa abantu abaqaphele bangasizwa yinanoma umuphi umuntu.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *