U-Gah Ndlela uthi asakhona amathikithi

U-Gah Ndlela uthi asakhona amathikithi

Busie Zondi

Ongumhleli womcimbi obizwa nge WE LIFT HIM HIGHER GOSPEL MUSIC FESTIVAL uMnu Thulani Ga Ndlela uthi amaphaphu phansi, amathikithi asakhona. Ucacisa ngokuthi uSpa no Sasol Garage babe nenkinga nemishini yabo nosekwenze ukuba manje amathikithi atholakale eShoprite, Checkers, USave nase Computicket. Uphinda uyasho ukuthi uma ungaphumeleli ukuya kulezi ndawo, nakanjani ngoMgqibelo azotholakala ehholo lomcimbi bavula ngo 3PM. Phuthumake, asisekho isizathu sokungayi. Umcimbi umhlaka 22 November ehholo laseNewcastle (Newcastle Show Hall) amasango avulwa ngo 3 ntambama. Umcimbi uyaqala ngo 5 nqo.

Asphinde simcome uma kukuhle. Lensizwa uGah iyawenza umsebenzi ngokuzinikela. Yebo inethimba layo esebenza nalo, kodwa yona isuke intanta nanoma ikuphi la ekunabantu khona izimakethele umcimbi wayo, akanantangake lapho. Umcimbi wenziwa ngaphansi kwenkampani iGa Music Productions.

ngemininingwane, Buka iVideo ngezansi

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *