



I-KwaZuu Natal United Music Industry Association (KUMISA) ithule ngokusemthethweni icwecwe layo elisha le EP kwi 5th Annual Kumisa Music Brunch eGreyville eThekwini. Ingoma Sounds of the Street yiyo ebekuthulwa yona ngokuhlanganiswa amaciko ase KZN anehlo nendlebe ebukhali uma kuza ezintweni zomculo . Lengoma ihlanganise izinhlobo ezihluka hlukene zomculo, esingabal kuzo iHip Hop, RnB, Afro Soul. Ngaphandle kwalokho iKumisa iyaqinisekisa ukuthi izingoma ezikhishwayo ezikhuluma ngezimo zempilo esibhekene nazo, kungabe yiGBV, uthando njalonjalo. Ubuciko yibo obuveza ubuhlakani nobuciko beciko. IKumisa iyakholelwa kakhulu nakwithalente laseKZN yingakho behlale benezinhlelo lapho beqeqesha khona amaciko bewalethela nabantu abanamava kuwona lomkhakha njengoba benzile nakulomcimbi belethe uBaba Mbuso Khoza, uMaqhinga Radebe, uZanda Mthembu kanye noLerato Matsoso.
