Inkululeko nokukhanya entsheni yasoPongolo

Inkululeko nokukhanya entsheni yasoPongolo

UNkulunkulu uziveza ngezindlela eziningi. UMnu Nkululeko Khanyi uphinde waba ngukukhanya emphakathini wangaku oPongolo. UNkululeko unikele nama Laptop angu 140 nezikhwama ezinama software kwintsha yakulendawo.

Lomsebenzi ongaka owenziwe uNkululeko yiwo lo uHulumeni asuke ekhuluma ngawo ukuthi uyacela osomabhizinisi abanamandla balekelele ngalokhu abanakho. Kodwa kuwumlando kakhulu lokhu ukuthi umuntu oyedwa ngaphansi kwenhlangano yakhe iNkululeko Khanyi Foundation anikele ngama laptop amaningi kangaka. Siyazi manje ukuthi izinto eziningi zeziwubuchwepheshe, ngakho kubalulelkile ukuthi intsha izicije ngamakhono ikakhulukazi athinta ulwazi lwe computer.

Singalinda ukubona uNkulunkulu siqu sakhe, kodwa cha nangu eziveza ngabantu bakhe emhlabeni benza imisebenzi ebabazekayo.

UKhanyi uthe lokhu ukwenza ngoba akukho la engaya khona engaziwa ukuthi uqhamukaphi. “Kubaluleke kakhulu ukwaziwa ukuthi iphi imvelaphi yakho. Kuwumkhuleko wami wamihla namalanga ukuthi indawo engikhulele kuyo ibe ngcono, kube namathuba entsheni lawa atholakala emadolobheni amakhulu anjengoThekwini. Konke engikwenzayo ngikwenza kunoPongolo engqandweni. Asithembe kuzovuleka namathuba emisebenzi ngalokhu”, kusho yena.

Ukhansela Benson noSomlomo uKhansela Nxumalo bakuloMasipala, babonge banconcoza ngesenzo esenziwa ngumntwana wendawo owasuka khona ewumfana kodwa namhlanje useyindoda. Futhi wenza okwenziwa yiwo impela amadoda.

UNkululeko uthi akamile kulokhu, kuningi kuyeza. Kahle kahle uthi uyophumula ethuneni.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *