Inhlanhla kwintsha yase Mooi River

Inhlanhla kwintsha yase Mooi River

Namuhla eMpofana, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa KoMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi uvule ngokusemthethweni isizinda sezobuchwepheshe esibizwa nge Mpofana Innovation and Digital Hub, ehholo lomphakathi eBrantville. Ekhuluma uthe ucwaningo olwenziwe lukhomba ukuthi intsha engu 32.9% ayisebenzi, wathi yingakho bephuthumise lesisizinda. Ubonge iMoses Kotana ngokwenza lomsebenzi wathi yena noMnyango bazoyifaka imali, kwande amathuba omsebenzi. Ube esenxusa abahlali baseMooiriver ukuba bake bame ukushisa ngoba abatshali zimali bayabaleka. Wanxusa ukuba basigade bona lesisikhungo singacekelwa phansi.
Intsha esiqalile ukufunda kulesisikgungo ibonge uMnyango wakwa EDTEA ngokubuyisa ithemba lokuthi basazokwazi ukukhuphula umnotho, baziqashe baphinde baqashe nabanye.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *