




UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa KoMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi uhambele iKasi Business Fair Mpumalanga Harmasdale Junction Mall.
Lomcimbi ohlelwe yi-Icebolethu Foundation bese kuwusuku lwesibili ukhona. Bekuhlangene osomabhizinisi bakulendawo ukuzokhombisa ngemikhiqizo yabo. UNgqongqoshe obeyisikhulumi enkulumweni yakhe uthe kuyajabulisa ukubona intsha igcwele ngaloluhlobo. Wayikhuthaza nokuthi ibuye ivakashe emnyangweni wakhe ukuzothola ngezinhlaka nemikhakha ekhona ebhekelela ukukhuliswa kwamabhizinisi.
Ube esebonga nomphathi weCebolethu uNkk Nomfundo Zondo ngokuba nombono omuhle aphinde awenze ngasekhaya lakhe la akhulela khona. Kulabosomabhizinisi kukhona nabahlomule ngokwenzelwa ama Banner ezinkampani zawo, amanye ahlomula ngamasheke emali.
