Tshathani imthwalo uyanibiza uTshatha

Tshathani imthwalo uyanibiza uTshatha

Hlobi Lushozi no Busie Zondi

Ongumsakazi woKhozi FM uKhathide Ngobe odume ngelika Tshathugodo ubize isithangami sabezindaba ezothula ngokusemthethweni indumezulu yedili lomculo azoba nalo. Abezindaba batshelwe ukuthi konke sekumi ngomumo ngomcimbi obizwange Tshatha Music Festival ezoba mhla zingama 29 Kuzibandlela KwaNongoma KwaLindizwi. Lomcimbi kuzobe sekungokwesibili wenzeka emuva kokuba 2019 waba yimpumelelo, wase uyathiba kancane ngenxa yoKhuvethe olwaba yifu elimnyama elagubezela izwe kwaguqa namabhizinisi amaningi amanye awo angakubona ukusa kwelanga. ITshatha Ngobe Foundation okuyiyona inhlangano eyengamele lomcimbi ithe ukuhlehla kweNqama akusikho ukubaleka, kodwa ukuthatha amandla, yingakho bebuyile futhi bezokwenza konke okusemandleni ukugculisa abahambeli bawo.

UNgobe echaza ngalomcimbi uthe inhloso enkulu yawo ukuletha ubumbano kubantu baKwaZulu Natal ikakhulukazi indawo yakwaNongoma njengoba ike yahlaselwa kakhulu izimpi zezigodi. Uphinde wanxusa kakhulu uhlumeni ukuthi angenelele athuthukise ingqalasizinda yakuleyandawo kwazise inomlando onothile wesizwe samaZulu. Uphinde wazwakalisa ukungenami, wakubiza nangehlazo ukuthi abanayo ngisho inkudla evulekile yokwenza imcimbi njengoba ethi bayapatanisa. Uthe uyaqonda ukuthi umasipala wendawo awunawo amandla okwenza lokho yingakho enxenxa uHulumeni ukuthi angenelele.

Buka iivideo ngezansi ukuthola yonke imininingwane

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *