I-Black Friday yamathikithi e-INK Kasi Experience

I-Black Friday yamathikithi e-INK Kasi Experience

Ukhisimusi ufika kanye ngonyaka, kanjalo ne Black Friday iba kanye. Nampoke abe Kaslam Events okungabahleli bomcimbi we Ink Kasi Experience bethi phuthumani ezindaweni ezishiwo ekutholakala kuzo amathikithi alendumezulu yalomcimbi ozoba KwaMashu ePrincess Magogo mhlaka 15 kuZibandlela (December). Bathi asetholakala ngo R150 amathikithi njengoba kuyi Black Friday. Lalela. Ngalolusu lomhlaka 15 kuyobe kunzima kakhulu. Abaculi no DJ sebelinde ukuthi nina nibe khona nje qha, bese kuba njalo. Yingakho kubalulekile ukuyolithenga ithikithi lisasendalini. Zimbili iziteji zalomcimbi cabanga. Uzodansa noma ikuphi la ufuna khona. Steji segqom, Piano ne Hip Hop sisodwa. Bese kuthi labo abazithandela ukuyincenga kancane, nabo bazobe bebuka kwesabo isteji.

Buka ama poster ngeminingwane egcwele

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *