





Busisiwe Zondi
UDOKOTELA wangempela ubize isithangami sabezindaba eThekwini ethula ingoma yakhe eyi EP ( Extended Play) enezingoma ezine enesihloko esithi UMELAPHI OMKHULU nokuyiyongoma afuna isabalale. UDkt Mukelani Cele (34) obizwa ngo Dkt Cele ongowokuzalwa eMgungundlovu KwaMpumuza kodwa osehlala eThekwini ngenxa yomsebenzi uthi uthando lomculo waluqala eneminyaka engu 8 enkonzweni, akabange esama. Yize uthando lomculo akhula nalo ecula nababaculi abadumile, kodwa uthi wazibamba ukuthi agxile kuwo umculo ngenxa yokucabanga ukuthi umculo uwuthando kodwa awuyona into ongaguga nayo. ” Umculo yinto okungathi ungayenza usuwazi ukuthi kunokunye onakho okukufakela imali yokufeza izidingo zempilo. Ngake ngathola nenkampani eyayifuna ukungisayina, kodwa ngayimisa ngenxa yokuthi ngangifuna ukuqhuba imfundo yami. Ngempela ngaya kofunda iminyaka eyisithupha e University of Pretoria ngenza iMedicine. Kuyimanje sengise benza esbhedlela i-Addington eThekwini ngisebenza ukwelapha nokusebenza ngezifo zengqondo ( Psychiatrist). Lomcimbi ubuzimamiswe abaculi abanamava kowokholo esingabala kubo uThobekile, Hlengiwe Mhlaba kanye no Pst Yakhani. Thola umculo kaDkt Cele kuzona zonke izitolo zomculo eziku inthanethi.
