



UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa KoMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi namuhla uthamele inkulumo ngesimo sesiFundazwe (State Of the Province Address) ethulwe nguNdunankulu UMnu Thami Ntuli.
Umcimbi useWoodburn Stadium, eMgungundlovu. UNdunankulu enkulumweni yakhe ubonge uhlelo lokunxenxa abatshali zimali olwenzeke ngo 2025 nathe lulethe umnotho ongu R100 Billion namathuba emisebenzi angu 100 000.
Uphinde wathula ukusebenzisana kweMoses Kotana Institute noHulumeni wesiFundazwe, ethi lesisikhungo sizosiza kakhulu kwezobuchwepheshe njengoba sebefake neDrone ezogada umngcele we Lesotho neNingizimu Afrika. Waqhuba wathi lesiskhungo yiso futhi esizosiza ukwenza ucwaningo ngesimo somnotho ukuthi simi kanjani eKZN.
