Busisiwe Zondi
Ungalinge uziphuthisele ngethuba lendumiso emcimbini ka Malusi Mbokazi wokubungaza iminyaka eyishumi aba kulendima yomculo wokholo. UMalusi uzobe eqopha bukhoma umculo wakhe ehambisana nabanye abaculi esingabala kubo uNtokozo Ngongoma, u Hlengiwe Mhlaba, uSneziey, USbu Noah kanye nabanye. Usangawathola amathikithi, phuthuma ungafani neMbila yona eyaswela umsila ngokuyalezela.



