


Busisiwe Zondi
“Njengoba sizokwengamela i-Africa’s Travel Indaba kulonyaka la esifundazweni sethu iKZN edolobheni elihle eThekwini, kithina leli yithuba elikhulu lokuzidayisa, sikhande siphinde sengeze umnotho wethu. Ngale kwalokho, yithuba lokuxoxa indaba yaKwaZulu Natal siyixoxele umhlaba wonke ngobuhle bemvelo, indalo, amasiko kanye namafagugu ethu njengoba siyisiFundazwe esihamba phambili ngomlando onothile”. Lawa ngamazwi kaDkt Nkosenye Zulu oyinhloko yoMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo, ewasho
kwisithangami esenziwe kwezokuxhumana nge inthanethi (Webinar) sibizwe nguNgqongqoshe wezokuVakasha kuZwelonke uNkk Patricia De Lille.
Oyimeya yeTheku UMnu Cyril Xaba yena uthe lomkhandlu usukulindele ukwesingatha izivakashi zamazwe ngamazwe. Ethembisa ukuthi konke kumi ngomumo kanti futhi nempatho abazoyithola kuzoba efudumele kwazise iTheku yidolo elifudumele ngokwesimo seZulu kanye nangokwempatho.
UNgqongqoshe Patricia De Lille yena uthe lomcimbi uzovulwa ngokusemthethweni nguMongameli uCyril Ramaphosa kanti futhi uyakuthokozela nokuthi namanje kuseziwa eNingizimu Afrika esiFundazweni esinothile IKZN neDolobha iTheku elinamathuba amaningi kwezokuthuthukiswa KoMnotho nezokuVakasha. Uthe kukhulu akulindele nakwimihlangano ezokwenziwa kuma stand ngokuhluka kwamazwe.
