Kumenywa onkophe zigcwele izinyembezi bezokhuleka

Kumenywa onkophe zigcwele izinyembezi bezokhuleka

UMphostoli N C Khumalo wenhlangano i-Wise Women of Faith ngaphansi kwebandla iThrone of Grace Ministry umema bonke abesifazane becebo ukuba bezohlanganyela kanye naye kwiNgqungquthela yaminyaka yonke nokunguye shumi naye ikhona. Laba besifazane babizelwa ukuhlangana ehholo laKwaMashu esigcemeni saKwa G ukuzobubula kuNkulunkulu, bakhane, banikane nokwesekana nangendlela inkambo yowesimame ikakhulukazi owazana noNkulunkulu, ukuthi mayibe njani. Usuku mhla zingama 30 kuNhlaba (May). Isikhathi ihora leshumi ekuseni. Lenkonzo ayikhethi bala, noma ngabe ungowakuliphi ibandla, inqobonje uma ungowesifazanenje oncenga impilo, uyadingeka ngoba kuzokhuliswana ngamacebo empilo nangezwi leNkosi. Uvumeleke ukufaka umfaniswano wasebandleni okhonza kulo, okanye ugqoke ngokuhlonipheka. Kungenwa mahhala, akukhokhwa

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *