Kuqale kwanzinyana ukuvulwa izifuba kubantwana bamantombazane enkonzweni yomhlangano wabo kanye noMama wamantombazane obizwa nge Girls Talk with Mum obuhlanganiswe uMfundisi Nokuthula Nyasulu webandla iKingdom Life Family Ministries. Umhlangano ubuseskoleni iPhikiswayo Primary ese Lindelani. UMfu Gugu Msimango uke wathwala kanzima ezama ukuthi kube lula ukuxoxa, waze wabemzisa nemidlalo. Kubize ukuthi kuqale kubhoboke yena uMama wamantombazane ewalandisa ngempilo yakhe. Kusuka lapho kube engathi uvula ikopi lezibingu, abantwana sebebhodloza okusezifubeni nokubakhathazayo. Indlovukazi Mapule ishayelele isipikili sokuthi yebo konakele futhi konakala emuva, manje uma izinhliziyo zisazobamba okudala, kusho ukuthi umonakalo usazoqhubeka. Wathi amantombazane awavuke azithintithe, akhale egijima njengempangele











