Sekusele izinsuku eziyisikhombisa kube yi-Africa’s Travel Indaba

Sekusele izinsuku eziyisikhombisa kube yi-Africa’s Travel Indaba

Busisiwe Zondi

Kubizwe isithangami sabezindaba kuzothulwa ngokusemthethweni i-Africa’s Travel Indaba 2026 (ATI) ezokuba mhlaka 11 kuya ku 14 kulenyanga esikuyo. Indaba izoba se Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.
Lesithangami sibizwe UNgqongqoshe wezokuVakasha kuZwe Lonke uNkk Patricia De Lille, sangqongwa nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa KoMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi, iMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba, uMnu Sbu Ndebele ongusihlalo kwebhodi le KZN Tourism and Film Authority, abatshali zimali, osomabhizinisi kanye nabasemkhakheni wezokuvasha.
Ethula inkulumo yakhe uNondaba uthe ukuvakashelwa amazwe kulesisiFundazwe kusho ukukhuphuka komnotho. Wathi kuzovuleka nethuba lokukhombisa nomnotho wamaSiko eKZN, ubuhle bendawo yethu kanye nokuvuleka komsebenzi kulabo abanezindawo zokulala, ezokudla kanye nezokungcebeleka.
UMnu Sbusiso Ndebele ongusihlalo webhodi le KZNTAFA uthi cha, kuzoba kuhle kakhulu uma sekuhlangene amazwe esiFindazweni iKZN. Wathi lokhu kuzogqugquzela ubunye, uBuntu nokuthandana. Wagcizelela ukuthi konke sekumi ngomumo.
OyiMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba uthe vele isiFundazwe iKZN singunamba 14 emhlabeni wonke ukwenza kahle kwezokuvasha, ngakho abanalo uvalo ngokwengamela lomcimbikazi ongaka. Ezokuphepha uthi ziqinisiwe kakhulu, izithuthi ziphephile kanti nezindawo ezizovakashelwa zizobe ziseqophelweni.
UNgqongqoshe Patricia De Lille uthe sebebala izinsuku ukuthi bamukele izivakashi zasemazweni. “Silindele izivakashi, osomabhizinisi, abezindaba nawo wonke umuntu ozoba yingxenye ye ATI. Sizoqinisekisa nokuthi siqinisa nezinhlaka zokuhwebelana”, kusho yena. U De Lille uphinde wethula isiqubulo salomcimbi esithi “Unlimited Africa: Growing Africa Through The Tourism Economy”. Kulindeleke ukuthi UMongameli Cyril Ramaphosa avule ngokusemthweni lomcimbi ngosuku lokuvulwa kwawo.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *