



Kuthulwe ngokusemthethweni ama South African Traditional Leaders Awards (SATLA) eKompo City e- East London, nokungokwesibili enzeka.
Lama Awards aqhakambisa ikakhulukazi ubuholi bendabuko ikakhulukazi ebuholini bakwaXhosa.
UDokotela Fajar Khoza we Indalo Enhle Herbs and Beyond odume ngelika Human Plumber umenywe ukuba azokhangisa ngamakhambi akhe enziwe ngemvelo. UDokotela ubehamba noDkt Busisiwe Zulu. Isimemo sifika emuva kokubonakala kwethimba le Indalo Enhle Herbs and Beyond lise Rustenburg lihambise usizo emndenini wakwa Guga osendaweni yase Boitukong. Kuziwa lana nje emuva kwekhelo lika Nomsa odume ngelika 1Makoti kuTikTok othi ubhalelwe ngu Lindelwa Guga ongumama wezelamani ezimbili okungu Steve (8) owazalwa ebona lufifi kanye noBuhle (13) nesifo sofuba esingaqondakali nokho kodwa ophefumula ngesigubhu somoyo. UDokotela ushiye imishanguzo yenani lika R6000 athe izodliwa ngumndeni wonke, ngale kwalokho waphinde walula isandla nge Wheelchair yokwehlisa umthwalo kuMama wokubabeletha uBuhle uma kuyiwa emtholampilo.
Ama SATLA alindeleke ukuthi abe ngomhlaka 3 kuMfumfu (October)
