



Busisiwe Zondi
Kuphume umyalelo othi iminyango kaHulumeni kumele yehlise izindleko. Umyalelo wakhishwa nguNdunankulu wesiFundazwe uMnu Thami Ntuli. Lokhu kwakulandeka ukubonakala komnotho hhayi wesifundazwe, kodwa waseNingizimu Afrika ushona phansi. UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa KoMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi, uthule ngokusemthethweni amahhovisi omnyango wakhe amasha ase Dube TradePort eLa Mercy eduze nesikhumulo sezindiza i-King Shaka International Airpot. Lomnyakazo uthi uNondaba bekuphoqa ukuthi bawenze ngenxa yokulandela umyalelo kaNdunankulu kanti futhi kwabona bewumnyango kube yisinyathelo esihle kakhulu kwazise bekunezikhalazo kulabo abasuke beze emahhovisi abo asenkabeni yeTheku. “ Silandela isimemezelo sikaNdunankulu sokuba asike sehlise izindleko eminyangweni ngoba isimo somnotho siyantenga. Ngale kwalokho abantu ebesinxenxa kubo ukuba batshale izimali esiFundazweni, bekubanzima ukuthola amahovisi ethu asenkabeni yeTheku beduka, kuthi noma sebewatholile kuphinde kube yinkinga ukuthola indawo yokupaka. Kuke kwenzeka ikilayenti laphuma selilinyazelwe imoto bathatha obekuphakathi. Kwaba yisilonda esikhulu kithi njengoMnyango. Cha la esikhona sisendaweni ephephile kithi sonke”, kusho yena. Ngale kwalokho uthe uNondaba ayikho imali abazoyikhokha nyanga zonke (rent), kodwa bazokhiphanje okuncane kokuhlangabezana nezidingo zasehhovisi. “Ayokho imali esizoyikhokha ngoba phela uTradePort yingane yethu. Sizokhipha kuphela imali kapholishi. Sithole nanezincomo kwesenza nabo ibhizinisi ukuthi sebezokwazi ukungena baphume eThekwini njengoba sesiseduze nesikhumulo sezindiza” kuqhuba yena. Izikhulu zeDube Tradeport zithi zijabule kakhulu ukuthi amahhovisi alomnyango asezoba kubona, kuzoba nesithunzi kuphume nemiphumela emihle yokusebenzela umphakathi waseNingizimu Afrika kakhulu e-KZN
Oyinhloko yomnyango uDkt Nkosenye Zulu uthe kuyawenza umqondo ukuba seDube Tradeport, kwazise yiyona ndawo eyisizinda sokwakhiwa kuthuthikiswe nomnotho. Kodwa futhi awvaliwe ngci amahhovisi aseThekwini, kuvulwe ambalwa ukuze kungabe sekuba wujuqu kubantu abangakayazi eyaseDube Tradeport.
