



UMnyango weZemvelo KZN Wildlife (Ezemvelo) ube nombungazo oba minyaka yonke wokuvikela Amanqe eziqiwini.
Lombungazo bese kungunyaka wama shumi amabili wabakhona. Isikhulu esiphezulu soMnyango weZemvelo uMnu Sihle Mkhize ngokubambisana nabalingani abasuka eLesotho, aboMnyango wezamaHlathi, Izinhlanzi kanye neMvelo beyikomidi elibizwa ngeBearded Vulture Task Force kanye nezinhlangano ezingenzi nzuzo bahlangane kulombungazo obusesiQiwini sezeMvelo eHowick, e- Midmar Dam.
Lelithimba umsebenzi walo kuyoyonke leminyaka, ukuqinisekisa ukuthi Amanqe awapheli kuleli, ikakhulukazi ezintabeni zoKhahlamba okuyilapho atholakala khona kakhulu.
Loluhlelo lwasungulwa ngenkomfa eyaba ngowe 2006 nokuyilapho kwathathwa lesisinqumo sokuba nethimba elizobhekelela ukuvikeleka kwaManqe.
Amanqe yizilwane ezibalulekile kakhulu. Zidla izilwane ezifile nokuyinto esiza kakhulu ukuthi kungatholakali izilwane zidindilizile eziqiwini zifile, nokungadala ukuthi kusabalale amagciwane. Amanqe ehlezi esengcupheni yokudliswa ubuthi yilabo abanenkolelo yokuthi Amanqe angakhanda ikhambi thizeni lokwelapha nokuyinto engamampunge. Yingakho kubalulekile ukugadwa kwaManqe ngokukhulu ukucophelela ukuze anganyamalali.
ISIFUNDO: Kungenzeka uke uzwe ngesisho esithi “UZULELWA AMANQE: kodwa ungazi ukuthi lokhu kusho ukuthini.
Namuhla kuloludaba lwalombungazo obuse Midmar Dam, kuvela ngokusobala ukuthi uma usuzulelwa amanqe kusho ukuthi ulengela ekufeni. Uma nje uke wafa, Amanqe azokucoboshisa. Ngamafuphi, kusuke kuthiwa qaphela.
Khona manjalo Ezemvelo Ezemvelo KZN Wildlife zazikhiphe isexwaiso seBhubesi elaliwuvanzi ku R66 ngakwaNongoma nasoPhongola. Yize lelibhubesi kwakusolakala ukuthi liphundluke eMkhuze Falls Private Game Reserve, kodwa abeZemvelo bathi cha umphakathi awukhululeke ngoba sebelibambile balishaya phansi. Nokho bathi abakatholi mubiko ngokuthi ukhona noma cha yini umonakalo odalwe yilo lisaphila.