UPhakelumthakathi uthi uza edolobheni iTheku

UPhakelumthakathi uthi uza edolobheni iTheku

Kwisithangami sabezindaba esibizwe uPhakelumthakathi Nkosinathi Ndabandaba eThekwini ePaki iGugu Dlamini uthe umnyakazo olandelayo, ukuhamba namaphoyisa bakhombe wonke amabhilidi ekudayiswa kuwo izidakamizwa enkabeni yeTheku. Uma akwenzeki lokho, bona bezinsizwa bayohlala baqhinqe phambi kweminyango yamabhilidi kungangeni kungaphumi muntu. Okunye uthe uyacela kungafakwa ipolitiki kulento yokulungisa izwe. Wakhuza nezinkulumo ezifuna ukumqhatha no MaNgobese. Uthi uMongameli wezwe wabiza yena hhay uMangobese. Kodwa akukho okufihliwe abakukhuluma, kwaba umhlangano wemizuzu eyishumi kuphela. “UMongameli akukho okutheni ngaphandle kokuthi wacela ukuba ayihlehle imashi. Cha ngabe senginqaba ngoba ayihkelwanga yimi nosuku lwaselubekiwe sdalo. Wabe esecela ke uMongameli ukuba a kungabi nodlame” kusho yena. Kube sekuba nombuzo wokuthi kungabe wamuthinta yini uMangobese ngalomhlangano. UPhakela uthe cha, ngenxa yokuthi kwase kusebusuku akakwazanga ukuthinta uMfaz womuntu ngaleso isikhathi. Ekuseni uthi kwase kuwukulungusela iMarch and March. Nakhona uthi akabanga naxhala ngoba uyazi bayaba nemihlangano yabo ngasese kanye nawo wonke umuntu okwithimba labahleli be March and March.

📸 Sihle Mavuso

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *