Sikhulule kakhulu isibalo sabesilisa abazibulalayo

Sikhulule kakhulu isibalo sabesilisa abazibulalayo

Sikhule safika ku 83 wezinkulungwane isibalo sabesilisa abazibulalayo ezweni lonke, bese kuthi uMzansi Afrika uhlale endaweni yesibili ngesibalo sabesilisa abazibulele, uholwa phambili yizwe lase Spain ekuyilo elihamba phambili . Lombiko uvezwe UMnu Nkululeko Khanyi ongumsunguli wenhlangano engenzi nzuzo ebizwa nge-UNGAZIBULALI NDODA, ekhuluma emsakazweni UKhozi FM. Uthi kuyimanje kunesimo esiseMpangeni asihambelayo, lapho umfana obehlala no Gogo wakhe egcine eyithathile impilo yakhe ngenxa yokubona isimo nezinto zingahlangani. Ukuzibulala kwakhe umfana akubanga nasisombululo ngoba manje uGogo usehlale amaviki amabili enganawo amandla okufihla umzukulu wakhe. UNkululeko usole noHulumeni ngokuba nezinhlelo eziningi kodwa ezibhekele abesifazane nabantwana kuphela, lokhu uthi kwenza kube nzima kubantu besilisa ukuthola indawo abangabhodla kuyo bebodwana.

Okuhle kakhulu ukuthi, uNkululeko qobo lwakhe wasinda ekubeni yisisulu kodwa waba ngumnqobi kwisimo somuzwa wokuzibulala nathi wazama izikhawu ezimbili. Ube esebonga inkosazane uZama Mthethwa athi yamuthola esibhedlela ngesikhathi ezolashwa. UZama uthi wuye owanika uNkululeko ithemba lokuthi noma kunje, kodwa usangaphuma la, aqale phansi impilo kabusha. Kuyo lenyanga uNkululeko uzobe enenkomfa eGoli ayibizele amadoda ukuba azobhoboka. Futhi aphume kulento yokuthi indoda ayikhali. ” Mhlaka 25 July eMidrand nginenkomfa engiyihlelele thina madoda ukuthi sizokhuluma ngokusixakile nokusikhubekisayo. Lana nginezikhulumu ezingongiti ezizoxoxa nathi, kuphele ikakhulukazi lento eyashiywa obaba mkhululu bethu noBaba yokuthi indoda ayikhali. Ayikhali kanjani indoda ibe ubuhlungu buya endaweni eyodwa enhliziyweni “? Kubeka uKhanyi. Uphinde wathi kuyamujabulisa ukuthola izingcingo kwabesifazane bethi bazoletha izinsizwa zabo, obhuti kanye nabayeni babo ukuze basizakale. Imininingwane yonke ye Ungazibulali Ndoda Conference ingezansi esithombeni.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *