Kunzima ukuba yindoda

Kunzima ukuba yindoda

Sekuyoze kubenjani kanti injabulo yalengane ihlezi ihamba nezinyembezi? Yinto emva kwenye. USphelele Duma odume ngegama lelebuli yakhe yezingubo zokugqoka ISthixo, sekungaphezu kwamandla okumehlelayo. Ngyathandaza kungaze kufike la ebona khona ukuthi kungcono ukufa kunokuphila. Njalo imizamo yakhe iba ngezingqinamba. Uma kungasibo omakhelwane ebamxakazisela I-Car wash yakhe ene Shisanyama neyandowo yokudlela eze esho ukuyivala, kuba izimoto zakhe zo Uber ziyantshontshwa azithole sezilinyazwe zaphela. Uma zingantshontshwanga, ziba sengozini. Okuyimanje zigcwele amagaraji la zilungiswa khona. Kumanje ulele esibhedlela emuva kokukimala kabana. Muva nje uveze ivideo enosizi lapho imoto yakhe isha ubuhanguhangu ingasacisheki, lapho uthi eyesibili eshayo esikhathini esiyisonto elilodwa vo. Kushuthi izimoto ezimbili zonke zidliwe umlilo. Ngala uyakhanda ezalimala, nazo bezingakaphumi. Uze ukhala kabuhlungu ezinkundleni zokuxhumana kanje: “Hawe Mah, kwaphela ngami”. “Yinto emva kwenye, angsazi kodwa nkosi ngenzeni ngoneni or kumele ngixolise kubani ngoba ayikho into engingayenzanga okumele ngiyenze. Eyenkolo, eyesiko eyaJesu, eyaShembe, yonke ngiyambile indlela, ngayihlonipha yonke futhi kodwa iyona ndlela ongibonga ngayo le😭😭😭😭😭😭 ungishisela 2 cars in one week ai ngeke”. ” Ngoba ngithi angikaze ngonemuntu Nkulunkulu yin ngikwenzeni mf2 wangiflathela kanjena kulezinsuku yin ngenzeni😭😭😭” kubalisa yena. Nami kuyezwela manje, kwanga a ngathola ukuthi konakele kuoi aze alungise. 😭

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *