AbeGospel in the park ithi isilinde nina

AbeGospel in the park ithi isilinde nina

Konke sekumi ngomumo kumcimbikazi oba minyaka yonke obizwa nge Gospel in the Park. Lapha zizobe zibondiwe, kudela umakhasana. Ubumnandike bendumiso kanye nezwi leNkosi kusuke kuyinala. Lokhu kuqinisekiswe abahleli balomcimbi esingabala kubo uMfundisi Siboniso Mbambo. UMageza uthe akukho abangakuhlelanga mayelana nalolusuku olukhulu. “Cha thina sesikwenze konke ekumele sikwenza. Okuselenje ukuba abantu bathenge amathikithi bese beyeza bezokhonza nathi”, esho. Ezinsukwini bekuke kwafika no Dokotela Lindelani Mkhize ezobheka indawo ukuthi injani. Naye ufike wagculiseka ngakho konke. Hhayke isezithebeni. Lapha ohlwini lwabaculi nabaphathi bohlelo, kuboshelwe ngempela. Phuthuma uthole ithikithi lakho uyobusiseka ngomculo wokholo usePaki

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *