
Busie Zondi
SELUBONAKALA lulude kakhulu usuku lokuhlonishwa kuka Baba uJoseph Shabalala weqembu iLadysmith Black Mambazo, ehlonishwa nguLebo M wodumo lwe-Lion King.Izolo uLebo M ubenesithangami sabezindaba eBallito, nokuyilapho eveze amazwibela okuyobe kwenzeka ngosuku lokuhlonishwa kukaBaba uMshengu. Okuvelilenje ukuthi uLebo uyinkakha endala kulendima futhi la eMzansi, akalandelwa muntu eduze. Okuhlabe umxhwele ukuboniswa kancane ivideo ka Nkosinathi Shabalala oyindodana ka Baba Joseph Shabalala endala. Le video esihloko sithi IMISEBENZI, ivuse uhlevane kwachwaza isinema. Kuyo kubonakale uBig Zulu, uMnqobi Yazo noThobani Nzuza ongumlingisi, abayobe bekhona futhi nangelanga elikhulu. Ngokusho kuka Nkosinathi uthi lengoma wayibhala emuva kokudlula kukaBaba wakhe,efakazisa ukuthi imisebenzi yomuntu iyohlezi ibonakala noma engasekho yena. Yize engadumile uNkosinathi, kodwa uthi ubesebenza ngemuva eqenjini likaBaba wakhe, ebhala nezingoma. Uthe okwenzeka kuye manje kwenziwa uLebo M, uthi yinto asakude ukuyikhohlwa.Ukuhlonishwa kukaBaba Joseph Shabalala kuzoba ePlayhouse mhlaka 24 kwephezulu ngo 6 ntambama.



