Busie Zondi
KUVAMISILE ukuthi abantu babhale izincwadi ezikhuluma ngezimo aseke badlula kuzo okanye abakuzo. Kodwa akuvamisile ukuthi umuntu abhale incwadi ekhuluma ngesimo sempilo yakhe ngokugula ngokomqondo. UNkz Thabisile Gumede ubhale incwadi ngempilo yakhe yokuphila ngokuhlale ahlale angabi kahle emqondweni, nosekube naye iminyaka engama 28. Isifo aphila naso sengqondo sibizwa phecelezi ischizophrenia. Indaba yakhe uma eyixoxa yona iyathusa uma kungukuthi uwumuntu ongakaze adlule kuyona, ogcina ukuzwa ngendaba. Ukulanda nje kafuphi ngohambo lwempilo kaThabisile, uthi ungumuntu ongathandi ukuba sesixukwini, ngoba ukugula kwakhe kuvuka noma ikuphi nanoma nini. Uma sekumubambile, uthi uyaye ezwe amazwi amaningi ekhuluma naye.
Uma esilandisa uThabisile uthi kumuthathe iminyaka ukubhala lencwadi, kodwa uthi uyajabula kakhulu ukuthi ekugcineni isize yaphuma. Utheke, ukubhala lencwadi kumfundise ukwelapheka nokuxolela. “Ukubhala lencwadi kungifundise ukubaluleka kokuxola, hhay ukuxole abantu kuphela, kodwa nokuxolele nami uqobo. Ngithole ukuphola njengoba bengibhala lencwadi. Nginethembake lokuthi lencwadi izoba wusizo nakwabanye ukuba bakwaziukubhekana nezimo zabo, baphinde bazi ukuthi kunoma yibuphi ubumnyama ohlangabezana nabo, ekugcineni kukhona ukukhanya.” Kusho yena. Omunye woDokotela bakhe uThabsile, uDkt Nokuthula Mncube Gasa, uthe kuyamuthokozisa ukubona isibindi uThabsile anaso sokukhuluma ngesimo sempilo yakhe esibucayi kangaka. Waphinda wathi uyabona ukuthi lencwadi yisiqalo sokuningi nokukhulu asazokwenza. Isifiso sikaDokotela uthe ukubona lencwadi ithuthuka ibe wumdlalo weshashalazi, ukuze kuzoqhubeko isifundo sabaphila nesifo sokugula ngokomqondo. Incwadi itholakala kwa Takealot, Exclusive Books (izindawo ezikhethekile), noma ubathinte ngo Whatsapp kuphela kunombolo ethi 083 466 8150.


Khazimula KZN, syabonga. Kwaqopheka umlando ezweni