Busie Zondi
UTHELE abahleli nabahambeli bomcimbi ngezinyembezi umlingisii oseqophelweni eliphezulu kumhlaba wonke ebongwa ngendondo.
UNkz Brenda Mhlongo onguNkoskazi ka Edmund Mhlongo, kumehle ngenhla lapho INdlovukazi Mapule imumukelisa indondo yokuba ngowesiFazane okhuthele, ongenamona nosebenza ngokuzikhandla kuyo yonke into ayenzayo.
Indondo unikwe ngenkathi amaKHOSIKAZI esiGodlo seziNdlovukazi ebebungaza iminyaka eyi 17 kwasungulwa inhlangano –EsiGodlweni seziNdlovukazi, futhi bekuyiNkomfa (conference) yabo abayenza minyaka yonke ebiseMkhumbane Hall eMayville.
UBrenda uhluleke nawukukhuluma, izinyembezi zizehlela ethi uyaqala ngqa ukubongwa hhayi kulesisiFundazwe, kodwa eSouth Africa yonke.
Kuleminyaka aseyisebenzile akakaze nakanye abongwe. “Angazi ngithini. Lokhu okwenziwa yiziNdlovukazi kuyangithobisa kakhulu.
Angikaze ngabongwa mina selokhu ngaba khona kulendima. Angikaze ngihlonzwe noma kuma Simon Sabela Mabhunu Awards, angisho mina ukuthola indondo, kodwa ukuqokwa nje, angikaze. Ngaze ngayivala kamunandi inyanga yabesifazane.
Ngiyabonga kakhulu Ndlovukazi Mapule, qhubekani nisebenze, kuyosala kwazeka”, kusho yena ekhuluma evevezela. UBrenda uphinde waxoxa izindaba ezimnandi zokuthi eminyakeni eminingi edlala kumdlalo i-Lion King, manje usengomunye wabahlonza amakhono abantu abazodlala kulomdlalo.
Ngamanye amazwi nguye oseqasha abalingisi be-Lion King. Esho lokho uBrenda, kudume ihlombe nomkikizo, bemuhalalisela, kwazise isisho seziNdlovukazi sithi, “ASINAMONA SIYESEKANA SINGAMAKHOSIKAZI”.

