Mamelodi Sundowns
Mamelodi Sundowns

Ligqabukile igoda phakathi kuka Shalulile neMamelodi Sundowns

Anita Mthethwa

USHALULILE uhlangane neqembu leMamelodi Sundowns ngoLwesihlanu (27/08/25) lapho lomdlali evumelene khona nokuhlukana Brazilian.

Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni lomdlali wase Namibia inkontileka yakhe neSundowns bekumele iphele ngo June wangonyaka ozayo, kodwa lomdlali ukhethe ukulishiya ngaphambi kokuqala kweseason ka2025/26.

Iqembu selivumile ukumdedela. Lomgadli oneminyaka engu 31 ubudala ukhonjwa Sudan nase Saudi Arabia. Kuphinde kwavela ukuthi umdlali wasesiswini uNeo Maema ungomunye umdlali okungenzeka naye ashiye kuMamelodi Sundowns ngaphambi kokuqala kweseason ka2025/26

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *