UKhuzani uveze i-Top 15 yeGcwalisa

UKhuzani uveze i-Top 15 yeGcwalisa

Baletha nabangavotelwanga kowe Gcwalisa

Busie Zondi

UMthokozisi Zuma ongumgqugquzeli nomubhekeli wezinhlelo zonke zeNdlamlenze Productions uthe yize uhlu lwabaculi oluba kwiGcwalisa Spring Picnic lusuke luqokwe ngabalandeli, kodwa khona izinkakha abazilandile ezimnkantsha ubomvu endimeni. “Siqale ngokuthi abalandeli abalandele abaculi, kuthi loyo oyoba ne Million labalandeli kube uye ongena ohlwini lweGcwalisa. Lokhu kukhuphule kakhulu izinga kubaculi. Manje akasekho umculi ongenalo iMillion kuma socials akhe. Ngenxa yalokhu, sibe sesishintsha indlela yokwenza, sasebenzisa uhlelo lokuthumela imiqhafazo bese sithatha obe nemiqhafazo eminingi ngokulandelana kwabo. Yize lesenzo sikulungele ukwazi ukuhlonza abaculi, kodwa kunalabo abaculi abangasayitholi imisebenzi ngenxa yokushintsha kwendima yomculo, kodwa yibo abasivulela indlela kumaskandi. Ngakho, sizobamema nabo bazoba yingxenye ngoba bona abanama followers kwezikuxhumana kodwa bakhona, sisabathanda, futhi siyabadinga kakhulu. Yingakho sibalandile ngoba okunye ngabo abasaqashwa”, kusho yena. Uhlu lwalezinsika luzovezwa ngokuhamba kwesikhathi.

lenkulumo ithulwe kwisithangami sabezindaba ebesisehhotela eliseThekwini.

UKhuzani ube esethula loluhlu lwabaculi, wathi kulonyaka bathole abaculi abevile ku 700 abafuna abantu. Yingakho ecele nakuMphathi wakhe uZuma ukuba bengeze lo 15 kube u 20 wabaculi abazoba Sina bededelane.

Imininingwane yomcimbi isesthombeni esingenhla

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *