Asikho isdingo somtholampilo -Mntomuhle Khawula

Asikho isdingo somtholampilo -Mntomuhle Khawula

KUNCINTISANE iziFunda ezingu 11 emncintiswaneni olethwe oxhaswe nguMnyango wezeMidlalo eKing Cetshwayo.

Lomdlalo wokuzivocavoca ngokomdanso phecelezi Aerobics, sekuyiwo ongene kakhulu ezindaweni zokuzivocavoca nakulabo abathanda ukukhuthaza umzimba. UMnu Thabani Mlambo ongumgqugquzeli walomdlalo obizwa ngeMEGAMOVES KwaZulu Natali, uthi ngokuletha lomdlalo eKing Cetshwayo bazama ukuwusondeza entsheni esezindaweni ezisemakhaya. “Ama Aerobics ajwayeleke ezindaweni ezisemadolobheni. Yingakho sithe cha ake siwulethe emakhaya, kuncintisane zonke iziFunda zalesisiFundazwe. Sikhuthaza ukuzivocavoca nokuyikho okwenza kugwemeke nezifo ezithize. Kanti futhi sifisa uqhubeke lomdlalo uze uye nakwezinye iziFundazwe”, kusho yena.

UNkk Jabulile oyiMeya yaseMzimkhulu uthe, kuyinto enhle kakhulu le eyenzekayo, futhi ikhuthaza ukuthi umuntu ahlale enamathambo aqaqekile ngisho ukugoba kungabi yinkinga uma iminyaka isithe ukuhamba hamba. Uphinde wajabuliswa nayisicelo sikaNgqongqoshe ukuthi ama aerobics ahambe izifundazwe zonke.

UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezoBuciko namaSiko waKwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula uthe ukuzivocavoca kugwema ukuya emtholampilo ngokungenasidingo. “Abantu abaphile ngokuzivocavoca, siyakugqugquzela ukuthi zonke izifunda zibe yingxenye yalokhu kuzivocavoca. Uma sijwayeza umzimba loluhlobo lomdanso, sizopheza ukuzwa okuncane emzibeni bese sigijima siya emtholampilo:, kusho yena ekhutaza abantu.

Isthombe: : Ntsike Mhlongo

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *