


Izithombe: Zithunyelwe
“AZIBUYE emasisweni. Isintu siyakubuyiswa yiniZulu”. Lawa ngamazwi ashiwo nguNgqongqoshe uMntomuhle Khawula woMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu Natal, ewasho emcimbini weNgoma obusenkundleni yezemidlalo ko3 ngaphakathi eHostela i-17 eMlazi. Lomcimbi obugcwele uthe phama abagidi bengoma bakuzo zonke izinkalo ezakhelene neTheku, ubuhlelwe izingqwele ezifana no2Bullet kanye noMthakashana. Bekungunyaka wesibili manje uMnyango weZemidlalo, uBuciko namaSiko KwaZulu-Natali oholwa UNgqongqoshe Mntomuhle Khawula weseka lengoma. Angaphezu kwamashumi amathathu amaqembu angenela. Ingoma inesasasa elingefaniswe, injalo nje igqugquzela ukuzwana, uthando nokubekezelelana. Ungqongqoshe uthe phansi ngokubukelwa kweNgoma phansi. “Umdlalo weNgoma sekuyisikhathi sokuthi uphakame njengeminye. Umnyango unemali oyibekile elindenje ukuthi amaGosa asho ukuthi umdlalo uzoba kusiphi isiFunda. Njengayoyonke imikhakha yomculo, kanjalo neNgoma ayiphakame ingabukelwa phansi. Ngizokuqinisekisa ukuthi lokho kuyenzeka. Kancane kancane koze kulunge”, kusho yena ephethe ngokuthi UMDLALO OMUHLE AWUQHUBEKE.
