Yaze yabuhlungu inkonzo yomngcwabo kaMbongeni Gracious Nxumalo ebise Mt Moria. Yize ibivutha inkonzo kaMbongeni ingoma zihlangene, kodwa emindenini usizo belubhalwe ebusweni bebindeka uma kumele bakhulume. UMbongeni ushiye emuva indodana yakhe ebiswbandleni lama ZCC nawo abefike ngezinkani ephuma eMatendeni amanye Kwamashu nokuyizindawo uMbongeni akhulele kuzo. UMbongeni washonelwa uMama wakhe wase esala nodsaswwabo kaMama wakhe uNkk Annah Nxumalo nokunguye othwale uMbongeni kwaze kwasekupheleni. U-Annah ubewuthwele ngamazinyo umndeni wakhe namanje uthe uzoqhubeka enze konke endodaneni kaMbongeni. Ibandla lika Annah iBMC, lingofakazi abaqanda ikhanda ukuthi u Annah umile eskhaleni sikamfana kaMbongeni.
Kwanga umndeni ungaduduzeka udlulise bonke ubuhlungu kuMdali wezinto zonke.





