
Uma uwumuntu ogibela itekisi noma ibhasi izikhathi ezifanayo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, siyazi ukuthi labo bagibeli bagcina sebewumndeni. Bayazana bonke, kangangokuba uma kukhona ongakafiki, bayamtshela umshayeli ukuthi khona ongakafiki bese beyamfonela bebubuza ukuthi ungakephi?.Yebo baba nezinamba zawo wonke umuntu. Okubike abakwenzayo yilokhi athi umuntu isihlalo esithi esakhe, noma sekuhleli omunye sekuyomele asuswe ngoba uhleli endaweni kazibani.
Kunabagibelike ababonge umshayeli wabo uMnu Menzi Ngidi, osebenzela EMlazi Depot, uhamba nge Bhasi iRedhill 958. Bathi babonga intobeko yakhe, nanokuthi uyabazi abagibeli bakhe, futhi isikhathi uyasazi uyasigcina. Bathi uma kukhona inkinga uyaqinisekisa ukuthi abagibeli uyabazisa, futhi akakhethi uma yonke indawo ebacosha noma sebehla ngokunjalo uqinisekise ukuphepha kwabo. Bathi akakhethi kuthi umgibeli owesilisa noma owesfazane, kodwa ubaphatha bonke ngokufana. Babonga bayanconcoza ku Hlomuka bathi umusa wakhe wande njalo.
Lokhu kuhle kakhulu. Akuhlonishwane macala onke ukuze kube nemiphumela emihle kanje embonini yezokuthutha. Siyiphephandaba IKHAZIMULA sithi umdlalo omuhle awuqhubeke.
