

Busie Zondi
UMnyango wezokuThuthukiswa KoMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo oholwa nguMfu Musa Zondi, ungomunye wabaxhasi abakhulu bomcimbi wama Crown Gospel Music Awards.
LoMnyango kaNondaba kungumsebenzi wawo ukubhekelela nokweseka osomabhizinisi abayingxenye yokuthuthukisa umnotho ikakhulukazi esiFundazweni.
Kuyaziwa ukuthi lomcimbi wama Crown ukhuphula umnotho ngokuletha izinkumbi zabantu ezizosebenzisa ezokuthutha, izindawo zokulala kanye nezindawo ezidayisa ukudla kanti nawo amaCrown avule amathuba omsebenzi evile ekhulwini kubantu abasha.
Kuzobe sekungawe 18 ama Crown asungulwa nguNkk Zanele LaMbokazi Nkambule ongasekho emhlabeni. Lonyaka kuzoba ngowesibili enziwa engasekho. Yize kunjalo onguMkhwenyana kaZanele uBhishop Mpendulo Nkambule uthe, awukho umzuzu la engamcabangi khona umkakhe, lokhu ukuveza ngisho nasezinkundleni zakhe zokuxhumana ebhodla emswanini ngesithandwa sakhe. Kukho konke lokho uBhishop Nkambule uthe umcimbi uyaqhubeka ukuhlonipha isithunzi somsunguli kanye nokuqhuba ifa lika Zanele. Uphinde wathi yena nethimba lonke lamaCrown Gospel Music Awards, bayawubonga kakhulu uMnyango wakwa EDTEA ukuma nabo esikhaleni.
Umcimbi ukusasa ngeSonto e International Convention Center (ICC)
Buka iposter ngezansi ngemininingwane egcwele


