Ezamzukwana zodwa kwi Old Skul Picnic

Ezamzukwana zodwa kwi Old Skul Picnic

Busie Zondi

Bathandi bomculo wama 70’s, 80’s nama 90’s phakamisani izandla lanikhona. Uma ningakezwa, kuthiwa anginazise ukuthi usuku lomhlaka 26 kuZibandlela (December) aluzufana nolweminye iminyaka. Kulonyaka kuza i-Old Skul Picnic ezoba eMunnies Hocky Club eThekwini. Lendawo iseduze ne Botanic Gardens. Uhlu lwabaculi yilolu lwamzukwana kodwa okuthi uma ludlalwa ebumnandini, luhlanyise abantu. Lana ngibala uZola 7 woMdlwembe, uMdu Masilela weTsiki Tsiki, uProfessor weJezebel, uKabelo Mabalane wePantsula 4 life kanye neMalini yeJikelele, bazobe bedlala bukhoma.

UNkk Zama Mkhize ongomunye wabahleli uthe, sekuyisikhathi sokukhumbula la esphuma khona nabavuli bendlela emculweni. ” Kuvamisile ukuthi oDj bangaphumi bengazidlalile lezingoma zakudala. Uma zike zadlalwa kuhlanya izihlwele. Yingakho sibone kukuhle ukuthi sibuyise isithunzi sabo besaphila kuphinde kuhlonishwe nalabo abangasekho emhlabeni ngegalelo labo”, kusho yena. UMamkhize uthe kuzohlonishwa uBrenda maBrrr Fassie, uMandoza – Nkalatha kanye nabanye. UZama uthi ukuhlala phansi nizokuzwa ngendaba, ophethwe yidolo neqolo useyokuzwa esesekhaya ngoba amapleti azobe eklwejwa uDJ Cindo, Dj Bongz, DJ Happy Girl, DJ Chynaman no DJ Siyanda.

Amathikithi atholakala eShoprite Checkers nase Computicket kusuka kuR250 kuya phezulu. Amasango avulwa ngo 12 emini. Uma uzophatha isqandisi (Cooler Box) phatha no R150 esandleni. Uma kuke kwashaya ihora lesihlanu, azobe engasavumelekile ama cooler box. Izisu zizoba buhlungu ngenxa yo MC abazobe bephethe uhlelo, uTha Simelane noMondli Mzizi.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *