Indumezulu yomgcagco weNkosi uZondi

Indumezulu yomgcagco weNkosi uZondi

Ngezansi esaSihle Mavuso

izithombe nguNcamiso

Busie Zondi

Ungene ngokusemthethweni umakoti weSizwe ngenkathi iNkosi uMalusi Zondi ivuma esigcawini ebesogcwele izinkumbi zabantu ukuthi iyamthatha UNdlunkulu Nothile MaKhumalo ukuba abe ngumkayo. Kanjalo noNdlunkulu MaKhumalo utshele isizwe sonke ukuthi uyavuma ukugana iNkosi uZondi, uze waqinisekise nangokugwaza phansi umbese, okuwuphawu lokuvuma. Umgcagco weNkosi ubuseMzinyathi eNanda khona namuhla, kanti uqale ekhaya waya enkundleni yezemidlalo waphinde wayophelela ekhaya. Ibandla lakwaShembe ama Nazaretha, yilo ebelihola lomgcagco. BekunamaKhosi evile kwangamashumi amathathu, izikhulu zikaHulumeni, oSaziwayo kanye nalabo abadume ezinkundleni zokuxhumana. Kutheleke ngisho nezindiza ezimbili ezinophephela emhlane ziqathaza izimenywa zomgcagco weNkosi uZondi. Ukudla nokokwehlisa kuhlule abantu.

UNondaba usanda kugcotshwa kwesokuba yiNkosi waphinde wabekwa ngokusemthethweni yiSilo samaBandla iNkosi Misuzulu ukuba abe yiso laso esizweni sikaBhambatha eRichmond.

BUKA :

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *