


Busie Zondi
Imbila yeswela umsila ngokuyalezela. Ungabe usachitha isikhathi, phuthuma ungene eTicket Pro uyozitholela amathikithi Amatshiwelele Festival 2926 azokuba mhlaka 7 kuNdasa . Abahleli balomcimbi iFast and Quick Consulting, yibo abafike nalezindaba ezimnandi baphinde bakhipha nohlu lwenani lamathikithi kanje:
Early Bird Amatshitshi R100 umuntu emunye. Amatshitshi R150 umuntu emunye. Early Bird Amatshitshi General Admission R150. General Admission R200. Early Bird VIP R700. VIP R1000. Kulomcimbi okhuthaza isiko lokuzigcina kwamantombazane engamatshitshi uphinde uvuselele amasiko aKwaZulu, akukhethile iminyaka kwabazowethamela. Kugqokwa imvunulo yeSintu kuphela.
Okungadingekile kulomcimbi, wuphuzo oludakayo, yinanoma yini eyisidaka mizwa, amabhodlela kanye nezikhali ezilimazayo. Indawo yokupaka izimoto ikhona, kanti nalabo abaphila nokukhubazeka bahlelelwe konke. Amasango ayovulwa nghora lesikhombisa ekuseni
