
UMongameli Cyril Ramaphosa
UMONGAMELI Cyril Ramaphosa uthi akeneme neze ngokungenzi kahle koMasipala abaphethwe yi-ANC. Ukusho lokhu namuhla eGauteng lapho ebenomhlangano namakhansela kanye namalunga aphezulu eqembu le ANC. Uthi angeke kube kubi uma amakhansela akhe engafunda okukodwa noma okubili kulaba oMasipla abenza kahle abangaphansi kobuholi beDA. Uphinde wathi akayizwa kahle le yamakhansela angahlali emiphakathini ayiphethe. “Nalokhu kokuthi ikhansela lingahlali emphakathini eliwuphethe, akukho kuhle. Umphakathi uyayibka leyo ebese ukususa engqondweni yawo. Uyobuya kanjanike ngonyaka ozayo”, kusho yena. Uphinde wathi ucela ukubona ushintsho ngonyaka ozayo uma sekukhankaselwa ukhetho kungenwa imizi ngemizi.
