Kuzoba yimpi yamaphuzu uma i- Kaizer Chiefs seyitholana phezulu neSekhukhune United koweBetway

Kuzoba yimpi yamaphuzu uma i- Kaizer Chiefs seyitholana phezulu neSekhukhune United koweBetway

Anita Mthethwa

I-Kaizer Chiefs izodlala umdlalo weBetway Premiership neqembu le Sekhukhune United kusasa 16 ku Mandulo 2025 kusihlwa ngokugamanxa kwehora lesikhombisa (19h30) enkundleni yezemidlalo iFNB Stadium.Lokhu kulandela ikhefu lamaviki amabili eFifa lapho Amazwe kade edlala imdlalo yokuhlungela indebe yomhlaba ka 2026.

Kuzokhumbuleka ukuthi iBabina Nako isanda kushaya irekhodi layo lokungahlulwa ngenyanga eyedlule linqoba kwi qembu lase EThekwini i Durban City ngamabili eqandeni. Amakhosi kanye neSekhukhune yibo abahamba phambili kulesizini ka 2025/26 njengoba bengakaze bahlulwe emdlalweni eyi Sihlanu(5) abasayidlalile, Lamaqembu abambene ngamaphuzu i United ihlezi ku nombolo 2 ngamaphuzu angu 13 kant abafana base Phefeni baku nombolo 3 ngamaphuzu angu 13 ngokushiyana kwama Goli, Womabili lamaqembu azinze eGoli anqobe imdlalo emine badlala ngokulingana owodwa kule eMihlanu, Iqembu le Sekhukhune like lahlala lazinza esicongweni se Betway Premiership nokuthe ompetha besizini eyedlule iMamelodi Sundowns ladlala umdlalo owengeziwe ngempelasonto nokulapho ihlule khona iMagesi FC labe siliqhwakela esicongweni ngama phuzu ayishumi nane (14) emdlalweni eyisithupha(6)

Iqembu Lokuthula Noxolo liya kulomdlalo kuzokhumbuleka ukuthi ngempelasonto bamemezele u Khanyisa Mayo ozodluba unombolo 3 oke wagijima kwi Richards Bay FC Kanye ne Cape Town City ngaphambilini

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *