UZawadi uthi iTheku limubizile wasabela. Wozanike

UZawadi uthi iTheku limubizile wasabela. Wozanike

BUSISIWE ZONDI

“ Ngijabule kakhulu ukumemezela ukuthi mhlaka 7 kuMashi ngizobe ngisekahaya.

Ngizonethulela umsebenzi wami osungihambise amazwe ngamazwe. Ngizobe nginiphathele into eningakaze niyibone ngamehlo. Kanjalo ningangitshela nanokuthi obani abanye babaculi eningathanda ukubabona besesiteji nami”. Lawa ngamazwi kaZawadi YaMungu onezwi elisho kamtoti kuhle kwenyoni iNtaka. Uthi sekungawo belu amagama enkehli. Ulethela iTheku namaphethelo uchungechunge lohambo lwe albhamu yakhe ethi NGIMUHLE. Usesintshontshele kancane ukuthi uzobe enoNdabezinhle Mntungwa esteji.

Umcimbi uzoba ePlayhouse eThekwini ngelesithupha ihora ntambama. Amathikithi aseyatholakala eWebticket nasePick n Pay, aqala ku R300 eya ku R400.

Ngale kwalokho uZawadi uphuma ukuyomela i-KZN emcimbini obizwa nge The Journey to Jazz Preview eDansvloer ezintabeni zase Swartberg Pass. Leyandawo iwumculo kaZawadi, umculo kaZawadi uyileziya zintaba ezakhiwe ngamadwala amahle nezihlahla ezingenamsindo, kwase kuba nekloba lomlilo obomvu obekuvele kwangathi yendawo engekho kwelengabadi. UZawadi uyisizukulwane saboMama Busi Mhlongo nabo Mama Miriam Makeba ngokomculo.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *