


BUSISWE ZONDI
Kuzoba engathi yishwa uma ungasalitholi ithikithi lakho le-Pre-Easter Gospel Music Festival yalonyaka.
Umsunguli walelidili lomculo uThulani Ga Ndlela weGa Music Productions akanalanga lonke. Useqlile kuyimanje nethimba lakhe ukwazisa abantu ngalomcimbi ozoba ngenyanga ezayo mhlaka 28 e-Durban ICC.
Uma ungumthandi womculo wokholo, kumele ukube usuyazi ukuthi lomcimbi yiwo owujikelele kuyona yonke eyenziwa ngaphambi kwePhasika.
Uhlu lwabaculi selikhishiwe. Ngeke ukwazi ukuphuthelwa u-
1.Takie Ndou
2. Khaya Mthethwa
3. Lusanda Beja
4. Ntokozo Mbambo
5 Ps Solly Mahlangu
6. Ncebakazi Msomi
7. Nozipho Phiri
8. Ncandweni Christ Ambassadors
Amathikithi atholakala estolo kwaBoxer nasePick n Pay noma e-webtickets aqala kuR250
Amasngo zovulwa ngo 15H30, uhlelo luqalo ngo 17H30
