Qopha ivideo yengoma entsha kaThobekile avele azokhonza nawe ebandleni lakho

Qopha ivideo yengoma entsha kaThobekile avele azokhonza nawe ebandleni lakho

Usevele uThobekile wayidedela ezandleni zabalandeli bakhe ingoma entsha. Uhleze ufuna ukumbona lomculo eduze kodwa ungakwazi ngenxa yokuthi uyaqashwa. Lalelake manje, lena ayidingi ngisho imenenja yakhe. Wena njengomlandeli nomthandi womculo kaThobekile usethubeni lokuthi akuvakashele bukhoma ebandleni okhonza kulo, azokhonza kunye nani. Okwakhonje ukuthi wena nabadumisi basebandleni lakho, niqophe ivideo ewumzuzu owodwa nicula iculo lakhe elisha sha elithi, I KNOW THE LORD WILL MAKE A WAY. Thumela leyo video kwinombolo ka WhatsApp ethi 0736368951. Ngokuhlonzwa kwawo azobe esefakwa ekhasini lakhe lika Facebook elithi Thobekile, bese wena ucela ibandla nabantu bonke abanaziyo bafake o (like) kwi video yenu. Qaphelanike nama account angama fake azibiza ngo Thobekile Isidudla seTheku, akusiye eyakhe ithinje THOBEKILE, ningadidekike. Thina siyi KHAZIMULA sesiyobonana enkonzweni yakho sizofakaza ukuthi impela ufikile uThobekile.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *