
NgoLwesihlanu mhlaka-27 Febhuwari 2026, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, uzokwethula inkulumo azoyibhekisa kubantu besifundazwe (State of the Province Address.)
Le nkulumo kaNdunankulu izodalula amasu kahulumeni okukhulisa umnotho, ukuvula amathuba omsebenzi, ukuphucula ukulethwa kwezidingo kubantu kanye nokwakha imiphakathi ephephile esifundazweni.
Inkulumo kaNdunankulu azoyibhekisa kubantu besifundazwe izoba ngumhlahlandlela ozogxila ezinhlelweni zentuthuko kanye nokungenelela kukahulumeni ekuqaqeni amafindo abambezela intuthuko ezifundeni zonke.
Zonke izakhamuzi ziyagqugquzelwa ukuthi ziyilalele futhi ziyilandele ezinkundleni zokuxhumana zikahulumeni wesifundazwe.
Lalela inkulumo kaNdunankulu ukuze ube nolwazi, ukwazi ukubamba iqhaza. Yiba yingxenye lohambo lwaKwaZulu-Natal ethuthukayo nephokophele phambili.
