ivideo ngu📹 : Jabulani Langa
Wenze obekungalindelekile uSandile Makhoba owaziwa ngelika Makhoba Wethu endimeni yezobumnandi. UMakhoba uzale ingane ephilayo ngokuqhamuka nombono womkhuleko owenziwe amaciko ewenzela wona uqobo obizwa nge The Mass Creative Industry Prayer. Umkhuleko ubuseThekwini ePlayhouse. Echaza UMakhoba ngenhloso yomkhuleko uthe uthuswe yindlela ozakwabo abadlula ngayo emhlabeni nangendlela abazabalaza ngakhona empilweni. ” Ingihluphe kakhulu indaba yokudlula kukaDJ Bhunu obengumfowethu, edlula ngokukhulu ukuzuma, walala wangavuka. Uma ngithi ngifonela omunye oseduze nenhliziyo yami uBabes Wodumo naye avele asho ezishaqisayo ukuthi naye ubambekile usesbhedlela. Kwasa ngokunye kimi. Kwavela kwafika into ethi hhay cha asakhile lapha, siyadinga umkhuleko wethu singamaciko. Ngibe sengithinta iNdlovukazi Mapule nokunguye engimaziyo ukuthi le a ngayithatha agijime nayo. Ngempela kube njalo”, kusho yena. UMakhoba uphinde waveza ukuthi yena uyakholelwa kakhulu emkhulekweni, futhi uvamisile nokuzila ukudla uma ekhuleka. Indlovukazi Mapule naye obehla enyuka ukuze lomkhuleko ube yimpumelelo, uthe sekuyiso isikhathi sokuthi amaciko azenzele. “Uma singazenzeli thina sizokwenzelwa ubani?. Bekumele kube noyedwa oba nombono, okwethu bese siya weseka”, kusho yena.
amaciko esingabala kuwo uJumbo, uBabo, uSphumelele Mbambo nabo bebefikile ukuzokhuleka. Abefundisi esingabala uMphostoli Mthobisi Makhathini, noBaba uNdabezinhle kanye no Papa G bebekhona ukuzokhuleka. Kubukeka lomkhuleko uzokhula ngokuhamba kwesikhathi.


